I-AfriForum ifuna uNdunankulu waseKZN ukuthi alungise ngokushesha izenzo ezingekho emthethweni
Ngomhla ka-5 kuMashi i-AfriForum ngokusebenzisa incwadi yommeli eya kuThami Ntuli, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, noThulasizwe Buthelezi, onguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, ifune ukuthi imali ebanjiwe kaNdunankulu, u-M.T. Mpungose kanye neNduna u-M.S. Mahaye, ikhokhelwe futhi kunikezwe izimpendulo zokuthi kungani abaholi bendabuko bengakhokhelwanga. Izinduna azizange zithole isaziso ngaphambili sokuthi ngeke zikhokhelwe noma sokuthi zimisiwe noma zixoshiwe. UNdunankulu uMpungose uneminyaka engama-62 futhi usekhonze njengomholi wendabuko iminyaka engama-24, induna uMahaye uneminyaka engama-70 futhi usebenze njengomholi wendabuko iminyaka engama-36. Bobabili abaholi bendabuko basebenzela umphakathi wakwaMpungose ngaseNkandla.
Lesi senzo soMnyango esingenabulungiswa nesingekho emthethweni silandela izincwadi ezathunyelwa yi-AfriForum ehhovisi likaNdunankulu noMnyango ngoFebruwari – ezigcine zingaphendulwanga yize izincwadi bezigqamisa ukuthi uNdunankulu uMpungose wesatshiswa ngesibhamu nokuthi umthetho awuzange ulandelwe.
“Akunabo ubuntu ngokuphelele futhi akwamukelekile ukuthi abaholi bomphakathi ababili abanesithunzi nabahlakaniphile, asebekhonze imiphakathi yabo kanye nenkosi yabo (umholi ovelele wendabuko) ngokuzinikela okungaka eminyakeni eminingi kangaka, baphathwe ngale ndlela. Kubukeka sengathi izikhulu zesifundazwe zilahlekelwe ubuntu futhi azinandaba nokwehliswa kwesithunzi somuntu ngisho nabadala abahlonishwayo. Kuyacaca futhi ukuthi ukuba bucayi kwezimo kanye nomthelela omubi ongaba khona emazingeni aphansi omphakathi akuqondakali,” kusho uBarend Uys, oyiNhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum.
Ngokuka-Uys, ukuzimisela ngokwezombangazwe kuntuleka ngokuphelele yokuqinisekisa ukuthi izimiso zomthetho ziyalandelwa nokuthi ukugxambukela kwezombusazwe cishe kunendima ekuthathweni okungemthetho kwabaholi. “Udaba lwalaba baholi ababili luyisibonelo nje sabaningi. Uma lolu daba lubheda izikhulu zizothweswa icala legazi,” kuphetha u-Uys.
I-AfriForum ibe nobudlelwano obuhle nomphakathi wakwaMpungose kanye nomphakathi waseNkungumathe kusukela ngo-2017. Lobu budlelwano basungulwa ngosizo lwe-AfriForum emphakathini ukuze uthole incwadi yenkantolo ukuze kuqiniswe ukwakhiwa i-Kuba Secondary School emphakathini.



