Umholi wendabuko usatshiswe ngesibhamu, i-AfriForum ifuna izimpendulo
I-AfriForum ifuna izimpendulo kumqondisi obambile wezindaba zomdabu ngaphakathi kuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (KwaZulu-Natal Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs [KZN-COGTA]) kulandela izinyathelo ezithathelwe abaholi bendabuko ababili boMphakathi wakwaMpungose ngaseNkandla. Encwadini ephuthumayo eyibhalele uThami Biyela, i-AfriForum icele, phakathi kokunye, leyo mininingwane eqondile mayelana nokubekwa amacala abekwe amakhosi, kuqinisekiswe ukuthi Induna uMahaye kanye noNdunankulu uMpungose abamisiwe.
Lokhu kulandela isigameko sokusatshiswa kukaNdunankulu uMpungose ngesibhamu emahhovisi omkhandlu wenkosi kwaphinde kwasabalala amahlebezi phakathi kwesizwe sakwaMpungose okuthi amakhosi amisiwe emsebenzini – naphezu kokuthi abaholi ngokwabo abanalo ulwazi ngalokhu. Kuboshwe abasolwa ababili ngokukhomba uMpungose ngesibhamu ngomhlaka-21 Januwari. Nokho, badedelwe ngebheyili ka-R2 500 umuntu ngamunye ngoMsombuluko, zingama-26 kuJanuwari 2026.
Ngo-April 2025, Induna uMahaye kanye noNdunankulu uMpungose bathola izincwadi ezivela eKZN-COGTA ezichaza ngezinsolo ezingacacile ngabo. I-B.D. Ndwandwe and Associates. Ayikho impendulo etholakele futhi abaholi bakholwa wukuthi udaba seluxazululiwe. Nokho-ke, okubashaqisayo, kuphinde kwathathwa isinyathelo ngokumelene nabaholi ngokubizwa uBiyela ngeSonto mhla zingama-25 kuJanuwari. Ngo-2025, i-AfriForum yabhalela uNdunankulu uThami Ntuli mayelana nezinsolo zokuthathelwa izinyathelo ezingekho emthethweni ngokumelene nezinduna.
Ngokuka Barend Uys, Inhloko yezokuXhumana kwaMasiko nokuBambisana kwa-AfriForum, kuyacaca ukuthi ukwephulwa kwenqubo nemfihlo kuyenzeka ngaphakathi kwe-KZN-COGTA, nokuthi kuthathwa izinyathelo ezinqala zokuphatha ezingenangqondo nezingekho emthethweni ngokumelene nabaholi. “Ukuqhubeka kwezenzo ezingenangqondo nezingenabulungiswa zomnyango ngokusobala zibeka impilo yalaba baholi bendabuko engcupheni. Kunzima ukuqonda ukuziphatha okunje emnyangweni wesifundazwe esihlaselwe yisihlava sokubulawa kwamakhosi (abaholi abaphakeme bendabuko) kanye nezinduna (abaholi) ngokuyinhloko. Umuntu ukhathazeke kakhulu ngokuthi kudlalwa izinhlelo zezombusazwe ezingenanembeza lapha ezingagcini nje ngokubeka engcupheni izimpilo zalaba baholi bendabuko kodwa nokuzinza komphakathi kanye nempumelelo jikelele.”
I-AfriForum inobudlelwane obuhle isikhathi eside nomphakathi wakwaMpungose, ikakhulukazi nomphakathi waseNkungumathe. Lobu budlelwano basungulwa ngesikhathi i-AfriForum isiza iNkosi uMpungose nomphakathi ukuthi bathole incwadi yenkantolo yokuthi kwakhiwe isikole iKuba Secondary emphakathini njengoba kwenziwa wuMnyango wezeMfundo esifundazweni.



