|

I-AfriForum igxeka izitatimende eziyisinengiso nezicasulayo

I-AfriForum yenze isicelo esiphuthumayo kuzakhamuzi, ikakhulukazi lezo ezisezikhundleni zobuholi, ukuba zingenzi izitatimende eziyisinengiso noma ezicasulayo noma zisabalalise amavidiyo anezitatimende ezinjalo ezingase zenze kube nokungazwani phakathi kwezakhamuzi nemiphakathi yamasiko eyahlukahlukene. Ngokwe-AfriForum, kusemqoka ukuba kuhlale kunezenzo zokunakana nokuhloniphana kuyo yonke imiphakathi yamasiko nezakhamuzi. Kuyisicelo se-AfriForum emva kokuba kube nevidiyo, lapho ulimi oluyisinengiso nolwesabisayo luye lwasetshenziswa, yasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana esontweni eledlule, nezikhulu zikahulumeni ezimbalwa kanye nabaholi bezombusazwe baphinde benza izitatimende eziyisinengiso nezicasulayo ezibhebhethekisa ukungazwani phakathi kemiphakathi yamasiko.

“I-AfriForum igxeka ngokungananazi ulimi oluyisinengiso nolwesabisayo olusetshenziswe kuvidiyo lubhekiswe kweminye imiphakathi yamasiko. Ukusondelanisa i-AfriForum, okuyinhlangano yamalungelo oluntu esebenzela izakhamuzi, njengalabo “abangathandi izwe” nalabo “abacwasa ngokobuhlanga”, njengoba kusho iSekela Lokuqala elinguNobhala-Jikelele we-ANC, uNomvula Mokonyane, enzile, nalokho akwamukelekile,” kusho uBarend Uys, iNhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation ku-AfriForum.

I-AfriForum iphinde ithathe isitatimende esenziwe nguMahlengi Bhengu-Motsiri, oyiSikhulumi sikaZwelonke se-ANC, esithi i-AfriForum “akumele iyekwe” ngendlela ejulile. “Izinsolo zakhe zokuthi inhloso ye-ANC kumele ibe ukuhlanganisa labo okungaseNingizimu Afrika’ akuhambisani nezenzo zenhlangano ezidala uqhekeko nanezitatimende ezibhekiswe ku-AfriForum. Okuphikisana nezinsolo zakhe, yimigomo yezasekhaya nezangaphandle ye-ANC edale umonakalo kusithunzi seNingizimu Afrika,” kuchaza u-Uys.

Inhlangano yamalungelo oluntu iphinde igcizelele ukuba isitatimende esinziwe nguVincent Magwenya, oyiSikhulumi seHhovisi likaMengameli, sokuthi i-AfriForum “itshala uqhekeko lwezobuhlanga iphinde itshale ukwesaba” akulona neze iqiniso. “i-AfriForum ihlale isebenza nemiphakathi yezomdabu eyahlukahlukene nasemadolobheni kuyo yonke imingcele ukwenza ngcono izimo zempilo zezakhamuzi emazingeni aphansi. Yizo kanye lezi zitatimende ezikhishwa izikhulu zikahulumeni ezinjengoMagwenya nosopolitiki abanjengoBhengu-Motsiri, ngokweqiniso, ezidala uqhekeko ngokobuhlanga nezithunabeza ukuhlalisana ngokuthula eNingizimu Afrika. I-ANC eqinisweni isola i-AfriForum ngalokho ekwenzayo yona ngokwayo ibe inecala lokwenza lokho,” kuphetha u-Uys. 

Similar Posts