Ubumbano Lwezinduna ne-AfriForum Badinga kweziwe ngokushesha emva kokubulawa kwenduna nonkosikazi wayo

Soundbite: Barend Uys (English)

I-AfriForum nenhlangano yentshisekelo yobuholi bomdabu Ubumbano Lwezinduna bamemezela ukuba uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali athathe isinqumo ngokungathandabuzi nangokushesha kuphinde kusingathwe ngokushesha ukuphepha kwabaholi bomdabu, kanye nezinduna) ikakhulukazi, njengokudinga kwayo kwangempela. Lokhu kulandela ukubulawa kwenduna uMxolisi Patrick Mwelase kanye nonkosikazi wakhe, uThandekile Joyce Mwelase, okungabase-Inadi Traditional Community kuSifunda saseMgungundlovu. Induna uMwelase wadutshulwa esitolo sakhe mhlazingama-30 kuNtulikazi 2026 wase eshona ngenxa yamanxeba akhe mhlaziyi-16 kuNcwaba, kanti unkosikazi wakhe wadutshulwa washona ekhaya labo mhlazi-2 kuNcwaba. Akukho lutho olwathathwa esitolo senduna uMwelase.

“Zingaphezu kwama-60 izinduna namakhosi ayisithupha abulewe KwaZulu-Natali kusukela ngowezi-2019. Lokhu kungeze kwaqhubeka — abaholi bomdabu baphila ngokwesaba, kanti isimo asibekezeleki. Akukho nesisodwa isikhulu sikahulumeni wesifundazwe noma inhlangano yezombusazwe eyithi vu le ndaba yokubulawa kwenduna uMwelase nonkosikazi wakhe, akukho mazwi enduduzo noma ukwelekelela umndeni olilayo. Kuyamangaza ukuba izikhulu zikahulumeni nabazombusazwe indlela abakhuluma ngayo ezidlangaleni befuna ukuba kuthathwe ngokushesha uma amakhansela ezombusazwe ebulewe, kanti abasho lutho uma kubulewe abaholi bomdabu. Amacala avuliwe nabe-SAPS, kodwa umndeni awaziswa neze,” kusho undunankulu uPhakamani Dlamini, ongumgcinimafa-jikelele ophinde abe yibamba likanobhala loBumbano Lwezinduna.

“I-AfriForum ishaqekile ngomthelela wokubulawa kwabaholi bomdabu, kanye nokugxambukela ngokungemthetho kwezobuholi bomdabu, okuthinta uzinzo ezindaweni ezisemakhaya. I-AfriForum isithumele izincwadi ezimbalwa kuNdunankulu waKwaZulu-Natali, uThami Ntuli, mayelana nesenzo esingekho emthethweni okubhekiswe kubabaholi bomdabu, okumbandakanya isigameko lapho isibhamu saqondiswa khona kule nduna. Ukungaphenduli noma ukungathathwa kwesinyathelo kuveza ngokusobala ukuba uNdunankulu nohulumeni wesifundazwe sakhe abakubeki eqhulwini ukuphepha kwabaholi bomdabu nozinzo lwemiphakathi yamasiko,” kusho uBarend Uys, INhloko yezoBudlelwano bamaSiko nokuSebenzisana e-AfriForum.

Ukulandela izingxoxo, i-AfriForum kanye noBumbano Lwezinduna bavumelene ngokusebenzisana ukusimamisa uzinzo nokuphepha nobuholi bomdabu njengesikhungo samasiko.

“Izinto zithanda ukuba lukhuni kakhulu emiphakathini esiyisebenzelayo. Ukugxambukela ngokungethetho kwezobuholi bomdabu, kanye nomphumela wokungqubuzana ngokwezikhundla zobuholi, kuthatha izimpilo zabantu. Kuphinde kube nokuqhubeka kwezindaba ezimayelana nezokumbiwa nezokusetshenziswa komhlaba. Kuqondanwa nezinduna ezisebenzela imiphakathi. Abantu bayaqhubeka nokuthandabuza ekubeni yizinduna, ngoba bakholwa ukuthi kuyingozi kakhulu,” kusho uDlamini.

“Iphalamende eliseNtshonalanga neKapa lisanda kuxazulula ukusungulwa kwekomidi lesikhashana ukuphenya amacala odlame esifundazweni. Uma intshisekelo yokuvikela abaholi bomdabu ikhona ngempela, isishayamthetho sakwaKwaZulu-Natali sizosungula ngokushesha ikomidi lesikhashana ukuphenya ukubulawa kwabaholi bomdabu nanokugxambukela kwezobuholi bomdabu. Impendulo evela kuhulumeni izosikhombisa ukuba izimpilo zalaba baholi zisemqoka yini kubona,” kuphetha oka-Uys.

Inombolo yecala lokubulawa kwenduna uMxolisi Mwelase ithi CAS 988/07/2026, bese eyenkosikazi wakhe, uThandekile Mwelase, ithi CAS 26/08/2026.

Become a member

Make a donation

Similar Posts

Ons is Afrikaners