Joyina umzabalazo wokulwela umhlaba, inhliziyo kanye nomphefumulo wemiphakathi yamasiko – i-AfriForum
I-AfriForum icela imiphakathi yendabuko, eyamaKhoi-San kanye neminye imiphakathi yamasiko neyezenkolo ukuba ijoyine umzamo wokuvikela amalungelo amasiko nawamaqembu, kanye nokuqinisekisa ukuthi afezekiswa ngokugcwele. Lokhu kulandela ukwethulwa kwezimvo eziphelele yi-AfriForum mayelana noMthethosivivinywa Wobuholi Bendabuko kanye namaKhoi-San ngomhlaka-14 Agasti.
Phakathi kwezinye izinto, imibono ye-AfriForum igcizelela ukwephulwa kwamalungelo omhlaba wemiphakathi yendabuko; kanye namandla amaningi ngokweqile nangafanele anikezwe izikhulu zikahulumeni; ukuntuleka kokuqonda ngomthetho wamasiko ophilayo kanye nokuguguleka kwawo; ukubeka phambili izintshisekelo zombuso kuyilapho izintshisekelo nezinto ezibalulekile zomphakathi zinganakwa futhi zibukelwe phansi; kanye nemibono ehlanganisiwe neyomuntu ngamunye esekela umthetho, ephikisana nombono womhlaba kanye nezindinganiso zemiphakathi yendabuko kanye neyamaKhoi-San, kanye neminye imiphakathi yamasiko.
Ngokusho kukaBarend Uys, iNhloko yoMnyango Wezobudlelwano Nokubambisana Kwamasiko ahlukene kwa-AfriForum, umthetho njengoba unjalo manje uvumela undunankulu wesifundazwe ukuthi ashintshe indawo engaphansi kwegunya lomphakathi wendabuko, kungakhathaliseki ukuthi umkhandlu wendabuko walowo mphakathi uyavuma noma cha.
“Umphakathi wendabuko ungase okwamanje, ngokweSigaba 20 soMthetho Wokuthuthukiswa Kwamalungelo Okuba Nesimo Sokuhlala Emhlabeni (Upgrading of Land Tenure Rights Act) ongunombolo 112 ka-1991, ucela ungqongqoshe oqokiwe ukuba adlulisele ubunikazi bomhlaba—lowo umphakathi onawo amandla okuwulawula—esandleni salowo mphakathi. Umhlaba wemiphakathi eminingi yendabuko usaphethwe uhulumeni njengomgcini wawo egameni laleyo miphakathi. Iqiniso wukuthi uhulumeni akenzi mzamo obonakalayo wokusebenzisa lo mthetho okhona ukuze adlulisele umhlaba emiphakathini. Ngakho-ke, le ngxenye yomthetho ngokuqondile iphula amalungelo omhlaba kanye namalungelo okuba nomhlaba kwemiphakathi yendabuko,” kusho u-Uys.
“Isimo samanje sikhombisa indlela engahloniphekile kanye nezinhloso zikahulumeni maqondana nobunikazi bomhlaba kuleli zwe. Kuphinde kuqinisekise futhi ukuthi kungani imiphakathi kanye nezakhamuzi kufanele baphikisane noMthetho Wokuthathwa Komhlaba (Expropriation Act), njengoba i-AfriForum yenza njengamanje.”
I-AfriForum ikholelwa ukuthi lo mthetho uthinta umnyombo wempilo yemiphakathi yendabuko neyama-Khoi-San, kanye neminye imiphakathi enamasiko ahlukene, kanye nokuqhubeka nokuchuma kwayo njengemiphakathi enamasiko.
“Kuyakhathaza ukuthi lo Mthethosivivinywa ubukela phansi amalungelo amasiko nawamaqembu emiphakathi — njengoba kuqinisekisiwe, phakathi kokunye, ku-African Charter on Human and Peoples’ Rights kanye naku-United Nations Declaration on the Rights of Indigenous Peoples (UNDRIP), okuyizivumelwano iNingizimu Afrika eyazisayina; uphinde ugxilise amandla ezandleni zabambalwa; futhi wehluleka ukusebenzisa ithuba lokwakha uhlaka lomthetho olwenza kube lula ngemiphakathi ukuzinqumela ngendlela yayo ngokwesiko, njengoba kuhlinzekwe eSigabeni 235 soMthethosisekelo, nokuthi ibambe ikusasa layo ngezandla zayo ngokuzethemba,” kusho u-Uys.
“Umthetho ophathelene nemiphakathi yamasiko kanye nobuholi bayo kumele ubeke phambili leyo miphakathi kanye namagugu ayo, indlela yayo yokuphila, indlela ebheka ngayo izinto kanye nezinto ezibalulekile kuyo. Ngakho-ke, i-AfriForum icela ngokuphuthumayo ukuba yonke imiphakathi yamasiko izihlele futhi iqinise amandla ayo, iphinde ibambisane ukuze kuqinisekiswe ikusasa elihle layo yonke imiphakathi yakuleli.”



