|

Umthethosivivinywa wezoMdabu noBuholi bamaKhoi-San wephula isimemezelo se-UN, i-AfriForum inxusa uNgqongqoshe ukuba enze lokho okuvuna imiphakathi yamasiko

Umthethosivivinywa wezoMdabu noBuholi bamaKhoi-San, wama-2024 (i-TKLB) njengokumiswa kwawo manje, ngokwe-AfriForum, (wephula Isimemezlo seNhlangano yeZizwe ngamaLungelo Abantu boMdabu (i-UNDRIP). I-AfriForum, ngakho-ke, namuhla inxusa umhlonishwa uVelenkosini Hlabisa, onguNgqongqoshe we-Cooperative Governance and Traditional Affairs (i-COGTA), ukuba enze lokho okuvuna imiphakathi yamasiko nokuba azenze lezi zinguquko ezisemqoka kulo mthethosivivinywa.

I-AfriForum iphinde yabeka ukuthi umthethosivivinywa kumele uguqulwe ukhombise ukuhlonipha nokunaka isithunzi sabaholi basendlunkulu, imindeni nemiphakathi, nanokubanika amandla ukuze bahole uhambo nesiphetho abafisa ukulubumba ngokwabo. Incwadi ebhalelwe uNgqongqoshe ilandela emva kokuphawula okubhalwe yi-AfriForum’ mayelana nomthethosivivinywa okwathunyelwa ngesonto eledlule.

Ngokuka-Barend Uys, INhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum, indlela okubhalwe ngayo umthethosivivinywa kuyakhatha. Empendulweni yasephalamende yangowe-2023, AbaBhekele i-COGTA batusa i-UNDRIP njengohlaka “lwamazingaqophelo aphansi okusinda engcupheni, esithunzi, nenhlalakahle yabantu okungabomdabu” lokho “kuchaza kabanzi ngamathuluzi akhona amalungelo oluntu kuphinde kucacise ukuba asetshenziswa kanjani kuzimo eziqondene nawo ngqo zamalungelo oluntu”. Nakuba sigunyazwe uhulumeni waseNingizimu Afrika lesi simemezelo se-UN, i-TKLB isabambelele nokuphikisana nemitheshwana ehloswe yilesi simemezelo.

Kule ncwadi eya kokaHlabisa, i-AfriForum iveza ukuthi:

  • Umthethosivivinywa awunabulungiswa futhi awufanele njengoba uvumela ukuba kube khona amazinga amabili kuphela obuholi bemiphakathi yamaKhoi-San, kanti kuvumelekile ukuba kube namazinga amathathu obuholi bemiphakathi yabomdabu.
  • Amalungu omphakathi wamaKhoi-San akhishelwe ngaphandle ezindabeni zeKhomishani yamaKhoi-San, nakuba bakulungele ngokufanele ukuba babeke imibono yabo kwezomdabu, amasiko, izinkambiso kanye nemithetho yesintu okungeyemiphakathi yamaKhoi-San.
  • Izigatshana ze-16(18) nese-16(19) zinika amandla uNdunankulu ukuba athathe umhlaba (okuyinkomba engenzeka ngokwezimiso “zokuchibiyela indawo okunegunya kuyo”) yomphakathi emva kokuxhumana nomkhandlu noma isigaba esingaphansi komkhandlu womdabu – noma kuyavumelana noma cha.
  • UNdunankulu unikwe amandla okushaqa okungunaphakade imisebenzi yomkhandlu womdabu ngaphandle kokubuka izinto ngokuqophelela.
  • Umthethosivivinywa unika uNdunankulu amandla okuba izwi lakhe kube elokugcina kunanoma yisiphi isivumelwano esiphothulwe nomkhandlu, okuphuca lonke igunya langempela imikhandlu nabaholi bomdabu.
  • Umthethosivivinywa awuniki amandla imikhandlu ukuba ihole ukuhlela nokusebenza kwezinto eziqaliwe zenthuthuko yomphakathi, izinhlelo namaphrojekthi kuphinde kufiphaze amandla ikhono lokwenza umehluko emiphakathini yabo.
  • Umthethosivivinywa, njengoba ukulesi simo, uphikisana nezihlokwana ze-UNDRIP.

“Indlela okubhalwe ngayo umthethosivivinywa uveza isithombe sokuthi awubhalelwanga ukulondoloza nokuthuthukisa imiphakathi yamasiko kanye nezomdabu, amasiko, izilimi, izinkambiso, umthetho wesintu namafa emqondweni. Kubukeka sengathi inhloso yawo ukunqinda amandla konke okuqaliwe namagunya abaholi basendlunkulu, imindeni yasendlunkulu,” kusho oka-Uys.

Oka-Uys uqakulisa ukuthi “esikhundleni sokuba umthethosivivinywa unike amandla abaholi basendlunkulu, imikhandlu nemiphakathi ukuba bathwale emahlombe abo ikusasa labo nanokuthi bahole intuthuko, inqinda yonke imizamo nalokho abakuqalayo namagunya obuphathimamdla kuhulumeni.”

“Ukuhlalisana ngokuthula kwemiphakathi yamasiko ezweni kunqike ekusungulweni kobuhlobo obuhle bamasiko ahlukene nanokusebenzisana okweyame ekunakaneni nasekuhloniphaneni. Yingakho i-AfriForum isebenza ngokuzikhandla ekwakheni ukusebenzisana kwemiphakathi yamasiko ezokwazi ukulekelelana ezindabeni ezifana nalezi ukuqinisekisa ikusasa eliqhakazile layo yonke imiphakathi’ lezingane la kuleli chopho elisengingizimu ne-Afrika,” kuphetha oka-Uys.

Similar Posts