I-AfriForum inxusa uNdunankulu wase-KZN ukuba aphenye ngokususwa kwabaholi bomdabu ngokungajwayelekile

Barend Uys (English)

I-AfriForum namuhla encwadini inxusa uNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnu A.T. Ntuli, ukuba athathe izinyathelo ngokuphuthumayo ukugwema ukuqhubeka nokususwa ngokungajwayelikile kwezinduna (ezingabaholi) nanokuba aphenye ngokushesha izenzo ezingajwayekile ezimelene nabaholi bomdabu esifundazweni. Lokhu kuvela emva kokuba i-AfriForum ithole izicelo zokweseka ezivela kubaholi bomdabu nakumalungu omphakathi okumayelana nezenzo eziyizinsolo ezithathwe uMnyango we-Cooperative Governance and Traditional Affairs (i-COGTA) okumelene nabaholi bomdabu.

“I-AfriForum ikhathazekile ngomthelela omubi wozinzo nentuthuko emazingeni aphansi emiphakathi okungahle kube khona ngalezi zenzo nalokho okungahle kube kubi nanemiphumela engahle ibe khona. Sonke siyazi ngesihlava sokubulala abaholi bomdabu isifundazwe esibhekene nakho – ngaphansi kwalezi zimo kusemqoka ukuba kube nokuphumela obala, ubulungiswa, umthetho nokuziphatha ngobuhlakani kwabo bonke abaholi, okumbandakanya izisebenzi zikahulumeni,” kusho uBarend Uys, i-Nhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum.

Lokho okuqukethwe yizincwadi ezivela ku-COGTA nanezimpendulo zalokho okwenza kube nokungabaza okukhulu kobulungiswa, ukuba semthethweni nangokomthetho izenzo ezithathiwe ezibhekene nabaholi. Lezi zincwadi ziveza lokhu okulandelayo:

  • Uhlelo olufanele njengokubekwe yimithetho efanele olungalandelwanga.
  • Izinsolo ezibhekiswe kubaholi ngaphandle kwamadokodo afanele abangawanikwanga.
  • Izinsolo ezingenabufakazi nezingujikelele okufana ‘nokungaziphathi ngendlela efanele’, kanye ‘nokungathembeki nanokungabi mnene’ okubhekiswe kubaholi.
  • Izincwadi eziningi ezivela ku-COGTA azisayindiwe futhi azinalo usuku olubhaliwe.
  • Izinsolo ezifana nse zibhekiswe kubaholi abahlukahlukene.
  • Iningi lezincwadi ezitholwe ngabaholi ngosuku olufana nse.

“Isikhungo sabaholi bomdabu sineqhaza elikhulu emiphakathini yamasiko eNingizimu Afrika futhi kumele sihlonishwe, sivikelwe siphinde sithuthukiswe. I-AfriForum iyasebenza ukuba isungule ubudlelwane obuhle nanokusebenzisana phakathi kwamaBhunu neminye imiphakathi yamasiko ezweni, ngesisekelo sokunakana nokuhloniphana. Ukuzazisa ngokwamasiko ayingqayizivele nanezikhungo zayo yonke imiphakathi yamasiko, okumbandakanya ubuholi bomdabu, yingxenye yalokho okubumba umphakathi kanti kuneqhaza elisemqoka langomuso. Yingakho i-AfriForum inelungelo lokweseka isikhungo sobuholi bomdabu uma icelwa ukuba yenze njalo,” kuphetha oka-Uys.

Similar Posts