I-AfriForum ihalalisela Isilo uMisuzulu ngempumelelo yoMkhosi woMhlanga
I-AfriForum ihalalisela oNgangezwe Isilo uMisuzulu ngempumelelo yoMkhosi woMhlanga waminyaka yonke obubanjelwe esiGodlweni saseMashobeni eningizimu noPhongolo KwaZulu-Natali mhlaziyi-13 nangomhlaziyi-14 kuMandulo. Kube wumgubho oyingqophamlando yangempela kuphinde kuqinisekise umfutho wesikhathi esisha ebukhosini bakwaZulu njengoba kwakunjalo mhlakuqala ukuba lo mkhosi ube sesiGodlweni soNgangezwe eMashobeni futhi kuningi okwenziwe ngesikhathi esifushane ukwenza kube yimpumelelo.
“Siyathobeka ukubona ukuthi isiko, igugu nokuzazi ngokwamasiko kuyakhula kahle kakhulu futhi siyagqugquzeleka ngokuthi Isilo sisebenzela ukuvikela, sikhusele siphinde sithuthukise lezi zingcebo zamasiko okuphinde kwaqinisekiswa yinkulumo yeSilo kulo mkhosi. Ukubuyisa emasisweni kusemqoka ekunakekeleni umphakathi wethu, siphinde sinake iqhaza elisemqoka lalo mkhosi. Ikakhulukazi kuyakhuthaza ukuba ingxenye yalo mkhosi ubuzixhase ngokwawo ngokusebenzisana, kwabanye abangabalwa, ophathina. Indlela eyodwa engenza ihlume ngayo ngokweqiniso imiphakathi yamasiko nokuba isebenze ngokugcwele ukuba izenzele izethembe, futhi kuyintokozo kithina ukuba uBukhosi bakwaZulu buthathe elinye igxathu mayelana nalo mkhosi,” kusho uBarend Uys, Inhloko: YezoBudlelwano BamaSiko NokuSebenzisana e-AfriForum.
“Kube yintokozo ukuba i-AfriForum yethamele uMkhosi woMhlanga njengezihambeli zoNgangezwe Isilo, okungukhuqhubeka kobudlelwano obuhle phakathi kwemiphakathi yamasiko okungeyamaZulu namaBhunu eyaqala ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande kaSenzangakhona. I-AfriForum ikulangazelele ukuqhubeka nokusebenzisana noNgangezwe Isilo uMisuzulu ukuqinisekisa ikusasa lezingane zayo yonke imiphakathi yamasiko ngokuhlukana kwayo lapha echosheni eliseningizimu ne-Afrika,” kuphetha oka-Uys.