I-AfriForum ihalalisela AmaBhele National Association ngesiFundo sokuqala sokuKhumbula uNdlela KaSompisi
I-AfriForum namuhla ihalalisele AmaBhele National Association (i-Amanasso) ngokusingatha ngempumelelo okokuqala minyaka yonke isiFundo sokuKhumbula uNdlela KaSompisi. Inhlangano yamalunngelo oluntu yethamele isifundo yaphinde yazwakalisa ithemba lokuthi lo mcimbi uzoba nelisemqoka iqhaza ekuxoxisaneni nomphakathi ezweni ngomuso. Isifundo sethulwe mhla zi-1 kuNhlangulana eThekwini.
“Kuyathokozisa ukuba AmaBhele athwale emahlombe ukulondoloza nokukhuthaza amasiko namafa okungawabo uqobo ngokukhumbula ngokubungaza labo abasemqoka ngokomlando ababe neqhaza elisemqoka emlandweni wabantu babo nasezweni. Isithombe okungesabo uqobo nokuziqhenya ngamasiko okunempilo kusemqoka emiphakathini ukuze yazi ngokuzilungisela ikusasa eliyisiphetho sabo.” kusho uBarend Uys, iNhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum.
AmaBhele avela kuzo zonke izinkalo zezwe bahlanganyela ukusungula i-Amanasso ngowe-1970 ngenhloso yokulondoloza amafa AmaBhele, ukubhekana nezinselelo zomnotho nezenhlalonhle, nasekukhumbuleni AmaBhele kuzo zonke izinkalo zesifunda semiPhakathi yeNtuthuko eNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ngenhloso yokukhuthaza inqubekelaphambili.
AmaBhele abevele asezinzile endaweni yanamuhla eseMnambithi KwaZulu-Natali ngekhuluminyaka le-18, kodwa ngenxa yezingxabano nokufuduka ngasemaphethelweni ekhuluminyaka le-18 nasekuqaleni kwele-19, basabalala base bezinza e-Eastern Cape naseLesotho.
Ndlela KaSompisi, okungukuthi lolu chungechunge lwesifundo saminyaka yonke okwethiwe ngalo, umholi othathwa njengosemqoka emlandweni wamaBhele. uNdlela wayeyindodana kaSompisi KaGuqa okungukuthi, bendawonye njengeqoqo lamaBhele, bayohlala eBukhosini bakwaZulu. Lapho, uNdlela, owayaziwa njengeqhawe elinesibindi, wathola isikhundla eBukhosini bakwaZulu ngeminyaka ye-1820. Emva kwesikhathi wayeseqokwa ukuba abe ngundunankulu nojenele yisilo samaZulu uDingane futhi wayengukhomanda oqavile wamabutho amaZulu ngesikhathi seMpi yoMfula weGazi. Waphinda wahlenga nempilo yalowo owagcina eseyisilo samaZulu uMpande nokumexwayisa ngetulo lomfowabo (kaMpande), uDingane, lokumbulala ngokuqinisekisa ukunqotshwa kwamabutho kaDingane yilabo okwakungabakaMpande ngempi yaseMaqongqo. Ngokwenze njalo, uNdlela akabanga neqhaza elikhulu nje kuphela kepha wabamba iqhaza elisemqoka ekugwemeni ukuwa kwendlu yobukhosi bakwaZulu waphinde waba nesandla ekusunguleni uhlobo obuhle phakathi kwamaBhunu nobukhosi bakwaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande eminyakeni ye-1840.
Oka-Uys uthatha leli thuba lokwethamela aphinde akhulume amazwi ambalwa kulesi okungesokuqala isiFunfo sokuKhumbula uNdlela KaSompisi ngezandla zombili. “Isizukulwane sethu sesiphinde saba sesikhundleni esinenhlanhla sokusungula ubuhlobo obuhle nanokusebenzisana kwemiphakathi yamasiko ahlukene eningizimu ne-Afrika okususelwa ekunakaneni nasekuhloniphaneni. Lokhu kuxhumana kwayo yonke imiphakathi yamasiko okusungulwe ngalokhu kunendima esemqoka yokwenza kube nokuhlalisana ngokuthula nangokudlondlobala la kuleli chopho eliseningizimu ne-Afrika,” kuphetha oka-Uys.